Тёмный

Licikoza ngokuqomisa ijongo lase Danawozi 

SABC Izindaba
Подписаться 91 тыс.
Просмотров 101 тыс.
50% 1

Insizwa yase Danawozi KwaZulu Natal u Phumlani Hlongwane esizakhele udumo enkundleni yezokuxhumana ngemifanekiso yokucikoza ikakhulu uma iqomisa intombi kanye nokuswenka okwabe kwenziwa kudala izinsizwa zisaqomisa. Yize lokhu kusenzeka kwezinye izindawo kodwa akwandile kwazise phela nenkundla yezokuxhumana isenze sakhohlwa lapho sibuya khona. Kulemifanekiso icikoza nje ngokuyoqomisa, bese izikhalela entombini esithathe inhliziyo yayo. Nakuba lensizwa ikhala ngokuthi ayenzi mhlomulo ngalomsebenzi kepha ithe iyakujabulela ukugqugquzela isintu.
For more news, visit sabcnews.com and also #SABCNews #SABCIzindaba on Social Media.

Опубликовано:

 

26 авг 2024

Поделиться:

Ссылка:

Скачать:

Готовим ссылку...

Добавить в:

Мой плейлист
Посмотреть позже
Комментарии : 29   
@MqeqeshiWezinsizwa
@MqeqeshiWezinsizwa 4 года назад
Awu! Sukanini madoda! Kwakumnandi kudala kusacikozwa kahle kanje. Thina ntsha yanamuhla, asisenzi kanje. Izinto sezashintsha kakhulu!!!!!
@zefdapoet
@zefdapoet 4 года назад
Awu sukanini madoda wadla Ngwane sibonge SABC IZINDABA ngokuveza into enhle kangaka webantu🙌
@vusumuzimchunu292
@vusumuzimchunu292 4 года назад
Sukaaaaaaa madoda ngakhumbula ngsashela kwanomaGadazana phansi emkhonjane intombi yakwa Ngobese ezalwa umaHilela ngangudlala kanje ngolimi ooo heeeeee yeka nini amandlama ngiwela imbudle ngiqhutshwa uthando lakho Gamdane
@mrwolf1268
@mrwolf1268 4 года назад
Ewu yamnandi nayi into wemadoda samnandi nasi isiZulu. Siyabonga hwanqa.
@bongekileximba8868
@bongekileximba8868 3 года назад
Ewuuuu😍😍, uyigagu nangu ubhuti 😩😩. Sengi bona kushiwo kimi , hawe mah!!!😩😩
@MKXULU
@MKXULU 4 года назад
Isizulu sakh nje ngiyasthanda ay yacikoza lensizwa madoda man bamba la 🤝💯✔️
@mphilisenisithole1508
@mphilisenisithole1508 4 года назад
"Kumnand' ukuba ngowakini, kubuhlung' ukuba ngowasemzini yabantu, singabase-Afrika thina kazi wen' ungowaphi?", BN Mchunu
@yoliswaphumie9413
@yoliswaphumie9413 4 года назад
Ayisukaaaaaaaani madoda 💃💯 percent approved
@NotoriousKarateka
@NotoriousKarateka 4 года назад
👐👐NgyamVuma ubhuti lo....ake ngimlandel ngCoshe okncane
@patrickmthembu9413
@patrickmthembu9413 3 года назад
Cha nam ijongo liyangichaza
@sakhilesithole3802
@sakhilesithole3802 4 года назад
Yisoka leli awzongisiza ngfuna isthembu
@nkosisanele9232
@nkosisanele9232 4 года назад
Tjoooo🥂
@ntandosangweni5094
@ntandosangweni5094 4 года назад
Ngwane, mfwethu 🔥🙌🏾😅
@originalvuvuzela
@originalvuvuzela 4 года назад
Love it
@khulekani.ndebele2140
@khulekani.ndebele2140 4 года назад
Ngiyamuvuma ifokahlonhwane
@khethukuthulathuthukani9372
@khethukuthulathuthukani9372 4 года назад
inhle lensizwa olimini
@sunflawa
@sunflawa 4 года назад
💛💛💛
@sbonilenkumane724
@sbonilenkumane724 4 года назад
Imfasamkomo ngathi ysfuba sentethe🤣🤣🤣🤣🤣🤣🤣awqhawe leynsizwa
@bonginkosifanie9295
@bonginkosifanie9295 4 года назад
Mmh
@mzwakhenkomo7829
@mzwakhenkomo7829 4 года назад
Ngwane
@linganisaruluwa41
@linganisaruluwa41 4 года назад
Hayi ngupopo lentsizwa indikumbuza kumaxesha akudala
@banbanstone5758
@banbanstone5758 3 года назад
Mkhonyovu mfwethu
@khulekanimichealbhengu1610
@khulekanimichealbhengu1610 4 года назад
Yizo bafo
@mcsiemtetua1037
@mcsiemtetua1037 4 года назад
Mnxm umbhedo lona
@bongmusabongs6653
@bongmusabongs6653 4 года назад
Fuseg wen wazin
@magakwethabo
@magakwethabo 4 года назад
Imkhuba yokukhulela eGoli... Waze wayislima muntu ka nkulunkulu
@khayambatha2965
@khayambatha2965 4 года назад
Wazini-ke wena lamthuthu🐔
@nkosinathindebele5984
@nkosinathindebele5984 4 года назад
Umbhedo nguwe, lwabishi
Далее
NGIYAKUFUNA EP35
10:19
Просмотров 57 тыс.
Ngiyakufuna EP21 | I met you at the Mall of Africa
22:23
SPONGEBOB POWER-UPS IN BRAWL STARS!!!
08:35
Просмотров 17 млн
Izindaba zesiZulu @13H00 l 19 August 2024
23:42
Просмотров 26 тыс.
Ukhozi FM TV: Mbuso Khoza
33:48
Просмотров 17 тыс.
AKESIYOSE, INTOMBI IQALA NINI UKUBA IQASHA?
4:07
Просмотров 2,4 тыс.
UFA BAHLEKE USULU ABANTU. by PHUMLANE HLONGWANE
7:37
ABANTU BANGAKWAKHI.
6:46
Просмотров 4,5 тыс.
IZINTO EZAKHA INDODA, ZIVALIWE.
4:48
Просмотров 3,9 тыс.