Тёмный

Ukhozi FM TV no Siya Mhlongo - Dr VVO Mkhize 

Ukhozi FM TV
Подписаться 26 тыс.
Просмотров 39 тыс.
50% 1

Ukhozi FM TV noSiya Mhlongo
Sithole ithuba lokukhuluma no DR VVO Mkhize ojwayele ukukhuluma kwi #IngonoYomsamu kuhlelo #Jabulujule olushayelwa uLady D.
UDr VVO Mkhize usichazela kancono ngoMsamo nokuThwasa.
Isingeniso:
Namhlanje siphila esikhathini lapho sekulahleke konke, nakuba saphucwa nathi saphinde sazikhumula sazishiya sinqunu, ngokwezindlela eziningi. Ukufa kwemindeni, izinkolo ezehlukahlukene, nezinkolelo - mfundiso ezaqhamuka ngapha nangapha. Lokhu kwenze ukuthi silahle Iziko Lomsamo, okuyindlela nempande esikhuliswe ngayo: ukhula kini yini lena ebekuthiwa iyisihluthulelo sempumelelo yalemndeni. Uma kwakucetshiwe kusengwa, kusiphuka iphunga lenyama eyosiweyo enye igxajisiwe, kwaphelelaphi. Asizibuzi lokho, kunalokho sesihambe sincela ezindengezini ezehlukene esesesizizwa ngendaba. Umsamo-ke lowo, ubuwena, umlando nomlandu nasebahamba.
Umsamo:
Uwena nenkaba ekuxhumanise nabakini, nezinye izidalwa zikaNkulunkulu. Isihonqo somthetho ka Jesu othi “wothanda umakhelwane njengelokhu uzithanda” sihonqe umthetho wesihlanu kaNkulunkulu: “yazisa uyihlo nonyoko khona izinsuku zakho ziyokwanda emhlabeni” Abantu basemandulo babazi kahle kamhlophe umuntu ungumuntu ngabantu, kungakho kwakukhona ukunanelana nokusiselana kungafanele kubekhona umuntu obukelwa ebhuqwabhuqwa indlala. Kwakunamalimo wonke umuntu ukuze ebusika akwazi ukudla okungenani imifino namabhece nesikhwebu sombila. Ubuntu bobuntu ngomuntu- UMSAMO kungukuxhumana namathongo, noMvelinqangi imbala.
Ukwenza lokhu kube lula kwakwakhiwa indlu okwabe kuthiwa ngeyabadala, lapho kwakuhlala khona zonke izinto ezazingamele umuzi: imikhonto, izikhumba, izimbiza, amacansi, kunendawo emuva nalendlu okwakuthiwa umsamo, kushiwo lapho kuxhunyanwa khona nabangasekho (Physical Manifestation). Ilento-ke okuthiwa Umsamo, esididayo okufanele siyichaze kabanzi kubalaleli, ngoba sebedidwe zinyanga nabelaphi bebatshela ngokungekhona okuzama ukungenisa imali ngendlela okungeyona.
Ukuthwasa
Lalithi ithongo uma lifuna ukubuyisa elalinakho emndenini okwabe kuyisikhwama sengcebo, lalithumela omunye wabo bese ezodumba omunye wenu kinina eniphilayo, bese engena kuyena bese simbiza ngeDlozi. Kulapho wayeboniswa zonke izinto nezindlela okufanele aqhube ngazo ukuze lowo obuyile asebenze. Babemthuma kumuntu, kokunye bamthathe bayomfaka esizibeni aphume esephethe konke kokusebenza. Nakhona kusebenza lokho wayeyalelwa yibona abamphethe abadala. Lokhu-ke kuxhumene kakhulu noMsamo, ngoba inhloso enkulu kusuke kungukubuyisa izinto zethongo elahamba abanguMsamo.
Kuyinkinga-ke ukuthwasa ngoba namhlanje sekuthathwa inanoma ngubani. Namhlanje wonke umuntu useyathwasa, nalokho kuthwasa kuthwaselwa into eyodwa: iba isangoma kumbe ungakuguqula ukwenze umthandazo kumbe ukuvale. Kunesidingo esikhulu sokukhuluma ngalokhu njengalokhu sekuhlukumeze abantu abaningi nezingane ezikoleni.
Ekugcineni kufanele abalaleli bazi yini UMSAMO, nokuthi kufanele uthwase uma kwenzenjani, izimpawu zakho zithini, ubona kanjani ukuthi ubizo lolu lweThongo neDlozi. Yini okufanele bayigweme bayigade kuzona zonke lezi zinto esezalahlekelwa isintu nobuntu bazo.
#UkhoziFmTV #UkhoziFM #IngonoYomsamu

Опубликовано:

 

25 апр 2022

Поделиться:

Ссылка:

Скачать:

Готовим ссылку...

Добавить в:

Мой плейлист
Посмотреть позже
Комментарии : 53   
@jamesjimmy2418
@jamesjimmy2418 2 года назад
Please technicians fix the volume for us the sound is not audible enough.
@bonginkositwala6206
@bonginkositwala6206 2 года назад
Especially with ubaba uVVO, even his personal podcast the volume is so low that I struggle sometime to hear him!! However I must say you guys you are doing a great work🙏💓
@cindymmhlanga5234
@cindymmhlanga5234 2 года назад
Yes uqinisile ukhabazela nami ngikubone Kimi lokho😭
@lwandilenyambose4821
@lwandilenyambose4821 2 года назад
inamabndla indaba echazwa la syabonga qhubekelani phambili # indaba isobala
@thabisilepalegrina1128
@thabisilepalegrina1128 2 года назад
Namhlanje ngizwe kahle ukuth yin umsamo, kubalulekile kakulu ukwaz SESIDLALILE ABANTU 🙏🙏
@vusimngomezulu2500
@vusimngomezulu2500 2 года назад
UNkulunkulu mdali wethu uthi abafileyo kabasaphili Genesis 3:19,Jobe 7:7-10,ecclesiastes 9:5-6,10,bazophinde baphile ngesikhathi uNkulunkulu ebavusa ekufeni Isaiah 26:19,John 5:28-29,Psalms 37:29.
@Sipho.Ndlovu
@Sipho.Ndlovu 2 года назад
Waited a whole 6 days for this episode!! At last it is uploaded! 🤝🤝🤝 kodwa ke Ibe mfushane kakhulu Njomane ake nizame noma u 3 hours
@siphelelesithole2908
@siphelelesithole2908 2 года назад
Ipokloza le account
@Thabaniization
@Thabaniization 2 года назад
Noma nje 10 hrs umcane.
@sibusisoshandu9082
@sibusisoshandu9082 2 года назад
Ukhozi luhamba phambili ngempela siyabonga kwinqolobane ehambayo ubaba uMkhize
@zanelendlovu6542
@zanelendlovu6542 2 года назад
Nazoke Sya, Kade salinda mfanakithi I know this is going to be very informative and it will indeed grow from strength to strength.
@thabisilepalegrina1128
@thabisilepalegrina1128 2 года назад
VERY INFORMATIVE, SIBONGA KU KHABAZELA 🙌🙌🙌
@ubuhlebethongotv5347
@ubuhlebethongotv5347 2 года назад
Niphoxa ngokungabafakeli abantu izimali zabo uma bewinnile imincintiswano, iwubugebengu nje leyonto seniyomane niwavale amacomments ethu ay kodwa uma sizoqolwa ngenke sivume
@siyabongazamisa2303
@siyabongazamisa2303 2 года назад
MaSiya sibonge bafo..kodwa iSound
@siyabongambokazi523
@siyabongambokazi523 2 года назад
well done! we can't wait for more content👌🏾
@UkhoziFMTV
@UkhoziFMTV 2 года назад
Thank you 🙌
@mbalimbatha9494
@mbalimbatha9494 9 месяцев назад
Ngicela inamba ka vvo
@ThokozaniJetro-fj5lk
@ThokozaniJetro-fj5lk 11 месяцев назад
Bafethu ngicela ningisiza nge number ka mkhulu Mkhize plz Bafethu ngisizeni niyanicela. Ngyazibongela
@thabisilepalegrina1128
@thabisilepalegrina1128 2 года назад
Siyabonga EMAKHOSIN AMAKHULU 🙌🙌🙌🙌🙌
@mogalelegae8526
@mogalelegae8526 Год назад
Siyabonga khabazela
@lungalsk938
@lungalsk938 Год назад
Thank you Dr Mkhize.
@banjani3732
@banjani3732 Год назад
Lendoda bakwethu hayi!! Sidlalile abantu sihluphekile.Mina ngifisa uNgangezwe obusayo asilwele. Ahlanganise bonke abazinyanga athole kuphasiswe abenza ibusiness nabasiza abantu be Silo. Siphelile ukukhokha bakwethu.Sesilala singadlile ukuhlupheka.
@ntombisebiloane1785
@ntombisebiloane1785 2 года назад
Siyabonga
@dumsanivilakazi3938
@dumsanivilakazi3938 2 года назад
I wish he can be given more platform to know ukuthi all is happening today because of our misconduct
@banjani3732
@banjani3732 Год назад
Baba Mkhize ngicela ungilayele.Nanku umsamo, ngenzenjani ukukhombisa abada indlu yabo ekade ingakalungi. Besibika ekhosombeni.Manje sifuna kubasusa kulelikhosomba bangene kulendlu. Baba ngenzenjani?
@ntombisebiloane1785
@ntombisebiloane1785 2 года назад
Ngyabonga mkhulu uyibeke yacaca uNkulunkulu aze asigcinele wena
@delanicyrillatha7836
@delanicyrillatha7836 2 года назад
Very informative but the sound was bad ...
@dumsanivilakazi3938
@dumsanivilakazi3938 2 года назад
ubaba uma ethi khona isintu esakhiwe ithina kanti lesi sakudala isintu phaqa sesintu sakhiwe ubani sona uma singakhiwanga umuntu
@tjngema8410
@tjngema8410 4 месяца назад
Udokotela uchaza ukuthi kunabantu okuthi ithi ikhona indlela okufanele ilandelwe bese umuntu eqamba eyakhe ngoba engafuni ukubuza noma ukubonakala ukuthi akayazi lendlela esivuthiwe ngokuhanjwa. Ngokwenzenjalo ukungavumi kwakhe ukuthi akazi udukisa lomuntu odinga usizo nokungadala ukuba alahlekelwe yimali, yisikhathi mhlawumpe nempilo uqobo. Kungubuqola ukukhokhisa umuntu ekubeni usebenzise amanga. Usenzile isibonelo udokotela uMkhize. Ziyindathane izibonelo ezingenziwa ukuze uqondisise okuchazwayo.
@siphodladla42
@siphodladla42 2 года назад
Abamhlophe bathatha izinkulungwane zabaNsundu, bephindelela bayobadayisa babe izigqila, amadlozi awenzanga lutho. U McDonald mhlawumbe kwangu Madonda no McKenzie maybe kwabe kunguMkhize. Abamhlophe batshontsha nezwe namanje sithi sikhululekile kodwa o president abaNsundu balokhu besolwa ngokudayisa izwe abanye baze bakhishwe besabusa. Konke lokhu kwenzeka amadlozi nezangoma bebukele. Thina msinsi yase Afrika sicindezelwa yizizwe zokufika sibuye sicendezelane sodwa ekhona amadlozi, angabajezisi abacindezeli, engabe ayabaklinya abagulise ukuze sikhululeke. Emlandweni angikaze ngizwe ngabelungu befika ngomkhumbi ovela phesheya uthwele izinkomo nezimbuzi, okwenza ngiphethe ngokuthi basiqola nemfuyo. Kodwa manje sesizithenga kubo kodwa athule amadlozi, nemihlatshelo ayayifuna. Ithina sizwe esimphisholo esihlupheka ngokwedlulele ezweni lethu and angaz ukut amadloz enzan ngalokho. Miningi imibuzo, izimpendulo zimbalwa nazo ziholela kweminye imibuzo engaphenduleki. Ashone umuntu ayiswe emakhazeni, ambathiswe izingubo ukuze angagodoli uma esengcwatshwa, kungani engcwatshwa uma esazogodola? Bekuyini injongo yokumfaka emakhazeni ? Imindeni eminingi ihlukene ngenxa yokusolana ngokuphehla amanzi amnyama,kuhlatshwe bese kushonwa ngemva komsebenzi, kuthiwa abanye batshotshe idlozi. Amadlozi ayvumelani leyonto? Ubaba angafuni ukwenzela ingane yakhe usiko, bese amadlozi ekhubaza ingane amyeke ubaba , why emyeka ? Sesihlupheke kakhulu amadlozi ekhona manje okwenza ngingawuqondi umsebenzi wawo, ziningi izinto ezonakalayo ekhona ,ebukele. Uma izingane zakho sezikhulile zikubuza lemibuzo,uyokwazi ukuziphendula ngonembeza omsulwa. Angivele ngithule manje ngoba nami angazi.
@siphodladla42
@siphodladla42 2 года назад
Iyajula ngemicabango lensizwa ! ru-vid.com/video/%D0%B2%D0%B8%D0%B4%D0%B5%D0%BE-jXxjsM9uKhU.html
@vusimngomezulu2500
@vusimngomezulu2500 2 года назад
UNkulunkulu mdali wethu uthi abafileyo kabasaphili Genesis 3:19,Jobe 7:7-10,ecclesiastes 9:5-6,10,bazophinde baphile ngesikhathi uNkulunkulu ebavusa ekufeni Isaiah 26:19,John 5:28-29,Psalms 37:29.
@Thulz.
@Thulz. 2 года назад
Mxm lento owayifunda encwadini yabelungu i bible, akusuyo inkolo yakho leyo. Inkolo yakho iyazi ukuthi umuntu uma eshona umoya wakhe ubuyela kwabakubo lapho owawuvele khona.
@vusimngomezulu2500
@vusimngomezulu2500 2 года назад
@@Thulz. Oh so ingabe loko kuphuma emlonyeni kaNkulunkulu umdali wethu we Njomane????
@Thulz.
@Thulz. 2 года назад
@@vusimngomezulu2500 kuphuma kuye through abaprofethi nezazi azithumela esizweni,
@vusimngomezulu2500
@vusimngomezulu2500 2 года назад
@@Thulz. Okay Njomane manje sizokwazi kanjani ukuthi laba babuya ku Nkulunkulu noma bayasidukisa?
@siphodladla42
@siphodladla42 2 года назад
Uqinisile labhalwa abelungu, inkinga ilaphi ke kulokho? Nabelungu bayaba izangoma , uma usesha uthi " white sangama " zizovela ku Google. Ne Bible ikhuluma kaningana ngaBelungu ababeyizangoma ababenamadlozi. Oke ulihlole
@mbalimbatha9494
@mbalimbatha9494 9 месяцев назад
Ngicela inamba yakho
Далее
Ukhozi FM TV no Siya Mhlongo - Silo Samabandla
55:33
Просмотров 154 тыс.
Umsamo Encounters   E7 - Imicimbi Yesintu
19:28
Просмотров 81 тыс.
Телеграмм-Колян Карелия #юмор
00:10
Ukhozi FM TV: Sixoxa noBab'uPhuzekhemisi
39:42
Просмотров 4 тыс.
Ukuqondisisa umnotho wesizukulwane
12:30
Просмотров 15 тыс.
#Ezaselawini no Dr Mthembu: Male Hormones
45:49
Просмотров 1,2 тыс.
Ukuphahla
4:47
Просмотров 90 тыс.
Sikhathele oNkukunkulu bezizwe sesicela owase Africa
18:52
Ukhozi FM TV: Ingxoxo ekhethekile no Mbuso Khoza
16:34